U-EMZA NENGOMA EBABAYO


LINDOKUHLE NGCOBO 

KWESINYE isikhathi awudingi ukuhlela, udinga i-vibe kuphela. Umculi waseThekwini u-Emza ukufakazile lokho ngengoma yakhe noLoverboi Muziq entsha i"Vala Vula", abayenze ngokuhlanganyela noCampmasters, Woza Bakzin noSabelo Ntusi.

U-Emza utshele iNews Avenue ukuthi le ngoma yeGqomu yayingahleliwe, bavele bayiqopha esikhaleni. Uthi lokhu kwenzeka ngesikhathi ehlezi neCampmasters estudiyo bezidlalela ngama-beats.

"Ngalelo suku ngangifike estudiyo nomngani wami uSabelo Ntusi ongumbhali wezingoma. Ngesikhathi kudlale i-beat, kwathi shazi nje, ngamuzwa ecula(Sabelo Ntusi) phezu kwe-beat. Ngathi ngicela aphinde, wathi Vala vula hamba buya, ngathi mina ingoma lena. Kuthe kusenjalo ngathi uLoverboi akangene siyishaye le ngoma. Kwavele kwaphuma into evuthayo," kuchaza u-Emza.

Eqhuba uthe abathandi bomculo bayamukele kahle iVala Vula. Wathi neziteshi zomsakazo eziningi ziyayidlala le ngoma ephume ngenyanga edlule (April).

"Inezinombolo ezinhle nasezinkundleni zokudayisa umculo. Ngijabule ngoxhaso esilutholile, kusukela siqala ukudlala iVala Vula bukhoma emcimbini omkhulu KwaMakhutha," kubeka u-Emza.