SIZWAKELE ISIKHALO SODOKOTELA BASE-KZN




LINDOKUHLE NGCOBO

KULINDELEKE ukuthi kuphume izikhangiso zomsebenzi wodokotela abangaphezulu kuka-50 KwaZulu-Natal(KZN). Lolu hlelo luvezwe uNdunankulu waseKZN uMnuz Thamsanqa Ntuli ngesikhathi enomhlangano nenhlangano yodokotela bakuleli iSouth African Medical Association (SAMA) ngesonto eledlule. 

Kulandela umbhikisho wodokotela bakulesi sifundazwe abangasebenzi. Nakuba kusandakukhishwa izikhangiso ezingu-20 zomsebenzi wodokotela eKZN, ngesonto eledlule odokotela baqhubekile nokubamba umbhikisho esangweni lasemahhovisi kahulumeni waseKZN eMgungundlovu. 

Odokotela bebefuna kukhishwe ezinye izikhangiso zomsebenzi ngaphansi koMnyango wezeMpilo, befuna umhlangano nohulumeni waseKZN nokuqinisa indlela yokusebenza kwezempilo. 

UNdunankulu uthi uhlelo lokuqashwa kodokotela kumele lube sobala. Wathi amalunga eSAMA azobe yingxenye yethimba elizobe liqasha. 

"Siyazi ukuthi kunodokotela abangaphezulu kuka-150 abangasebenzi eKZN. Ngokwesimo sezimali kwenza kubenzima ukuthi siqashe bonke odokotela abadingekalayo, isifundazwe sizosebenzisa esinakho ukwenza ngcono ezempilo," kuchaza uNtuli.