SIZOBHIDLIZWA ISAKHIWO ESIWE EGOLI KWASHONA ABANGU 9



KULINDELEKE ukuthi sibhidlizwe isakhiwo  esise-Ormonde, eGoli okushone kuso abasebenzi abangu 9. 
Lokhu kuvezwe uMeya waseGoli uKhansela Dada Morero namuhla, ngesikhathi eyohlola umonakalo kulesi sakhiwo esiwe izolo. 

Ekhuluma uMurero uqinisekise ukuthi bangu 9 abantu abadlule emhlabeni, ngemuva kokucindezelwe udonga lwesakhiwo. Waveza ukuthi abathathu basathola ukwelashwa esibhedlela. 

"Kukhona ongakatholakala, izinja ezisiza amaphoyisa ukuthungatha isidumbu,  kusenzima ukuthi zikwazi ukuqhuba umsebenzi ngoba isidumbu sisesisha. Uma sekuphothulwe umsebenzi wokuthungatha, sizobhidlizwa sonke isakhiwo," kuchaza uMurero.