SIYANDA ISIBALO SABAHLALA EMGAQWENI


SIYANDA isibalo sabantu abahlala emgwaqeni eThekwini,  njengoba iningi ligcwele emgwaqeni uChe Guevara, eThekwini. 

Lokhu kuvezwe uMeya kaMasipala weTheku uKhansela Cyril Xaba namuhla esithangamini sabezindaba eCity Hall, eThekwini. UXaba udalule ukuthi udaba labantu abahlala emgwaqeni ludinga ubuchule. Uthi ukubaxosha ngendluzula akusizi, ngoba basuswa kwenye indawo, bavumbuke kwenye indawo.

"Kudingeka ukuthi sisebenze ngokubambisana ukuze sisize ozakwethu abahlala emgwaqeni. Kumele kubanjiswane nabazali kanye nabafundisi. Ingakho sakhe isikhungo iSakhithemba, e-Illovu. Le ndawo ayilona ijele, sizothatha abantu abahlala emgwaqeni abathi bafuna ukubuyela emakhaya, sibafake khona bafundele amakhono ukuze bazokwazi ukubuyela emndenini yabo," 


"Ngikhulumile nabo ngesikhathi ngibavakashele, iningi labo bashilo ukuthi bazimisele ukubuyela emakubo futhi bayazi ukuthi bayathandwa emakubo. Okukhathazayo ukuthi laphaya sithole kunenqwaba yabantu base Tanzania. Kumele senze uhlelo lokubabuyisela emazweni abo," kubeka uXaba.