SIYADLONDLOBALA ISIKOLE SABACHIBIYELA U-MATRIC
LINDOKUHLE NGCOBO
KULINDELEKE ukuthi sibe namanye amagatsha isikole sabafundi abachibiyela imiphumela kaMatric, iKwaZulu-Natal Matric Excellence.
Lokhu kuvezwe uMphathi walesi sikole esinabafundi abangu-350, uNksz Buhlebemvelo Langa engxoxweni ekhethekile neNews Avenue.
Ekhuluma uNksz Langa udalule ukuthi isikole sakhe sizoba namagatsha amasha eGauteng naseMpumalanga kusukela ngonyaka ozayo (2026). Wathi kusukela ngonyaka ozayo igama lalesi sikole kuzoba iMatric Excellence.
"Size sifike ekutheni sibone isidingo sokuvula amanye amagatsha ikakhulukazi eMpumalanga naseGoli, baningi kakhulu abafundi esinabo abaqhamuka kulezo zindawo. Sibone kubalulekile ukuthi sisondeze izinsiza kubona, ukunciphisa izindleko kubazali, ukukhokhela indawo yokuhla nokuthenga ukudla nemali yokugibela," kuchaza uNksz Langa.
"Uthole ukuthi umuntu akasakwazi ukunaka kahle umsebenzi wesikole, usekhumbule ekhaya. Uthole ukuthi izingane eziseduze neTheku ngezimpelasonto ziyemakubo, lapho umfundi osuka kude akasakwazi ukuya kubo ezinye zezathu ezenze sisondele kubona. Nalapha KwaZulu-Natal sizovula amagatsha ePort Shepstone naseMgungundlovu," esho.
Lesi sikole sisebenzisana nothisha bamabanga aphezulu, abakhiqiza imiphumela emihle ezikoleni zabo. Phakathi kwezifundo ezikhona iMathematics, Accounting, Physical Science, Life Science, Economics, English, Agriculture, History, Geography, Business Studies neMathematics Literacy.
Ephetha uNksz Langa uveze ukuthi ngesonto eledlule baklomelise abafundi abangu-103 abenza kahle ngesikhathi bebhala izivivinyo phakathi nonyaka. Uthi lokhu kwenzeke ngenhloso yokukhuthaza abafundi ngaphambi kokuba babuyela ezikoleni zabo ukuyobhala izivivinyo zokuphela konyaka.