SISENKINGENI ISIKHULU ESIZAME UKUGWAZELA INTATHELI
Kulindeleke ukuthi kuhlangane iBoard yakwa Independent Development Trust, okuwuhlaka olungaphansi kwahulumeni.
Lokhu kulandela inkohlakalo evezwe yiDaily Maverick, yintatheli yayo uPetier Mayburgh. Kuvela ukuthi inkinga idaleke nge thenda ya 800 million, okucacayo ukuthi imali yakhona yehla ngemilenze.
Lolu daba luze lwacishe lafaka uNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi, uDean Macpherson enkingeni naye esolwa ngokuthi uyambandakanyeka kulolu daba. Ube esesungula uphenyo ngalo lolu daba elimthole emsulwa.
Kodwa umuntu osenkingeni yiChief Executive Officer yakwa IDT, uNkk Tebogo Malaka. Lesi sikhulu sizame konke ukumisa lolu daba ukuthi lungashicilelwa.
Size sibonakale emakhamereni sizama ukugwazela intatheli ngo R60 000 ukuthi ingalushicileli lolu daba.
Isikhulu lesi sifike sihamba nomkhulumeli waso, kuthe ekupheleni komhlangano nentatheli sakhipha imvilophi eno R60 000
sanika intatheli.
Lentatheli ivele yashutha imali ephakathi, yabe seyiyishiya lemvelophi yahamba.
Ungqongqoshe usethembise ukuthi uzosivulela icala lesi sikhulu.