SIPHUMA NGOLWESIHLANU ISINQUMO NGE PHALA PHALA


LINDOKUHLE NGCOBO 

Kulindeleke ukuthi iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ikhiphe isinqumo sayo ngoLwesihlanu mhlaka 24 July, ngesicelo sikaMengameli wezwe uMnuz uCyril Ramaphosa sokumisa okwesikhashana umsebenzi wekomiti lePhalamende eliphenya ngodaba lwePhala Phala.

Ikomiti lePhalamende elisungulwe ngenxa yesinqumo seNkantolo yomthethosisekelo ngoMay kulo nyaka, liyaqhubeka nokuhlela izinhlelo zalo njengoba kusalindwe isinqumo senkantolo.

Izinhlaka zezombusazwe eziningi ziyaphikisa ngokuphelele lesi sicelo, ziveze ukuthi lokhu kungaba indlela yokubambezela ukuba uMengameli aphendule futhi aphenywe.

URamaphosa walahlekelwa isamba semali yangaphandle epulazini lakhe iPhala Phala, eLimpopo. Ngokusho kukaMengameli uthi le mali wayithole ngesikhathi edayisa izinkomo zohlobo lwe-buffalo kusomabhizinisi waseNamibia.