SINYUKILE ISITEKI KWI-DUNDEE JULY 2026
LINDOKUHLE NGCOBO
Sinyukile isiteki somtelobhelo wamahhashi iDundee July 2026, njengoba sifinyelele ku-R2.5 million, sisuka ku-R 1.9 million. Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezeMidlalo ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Mntomuhle Khawula emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni iDundee July, eNdumeni Municipality, eDundee namhlanje.
Lo mjaho uzobanjelwa eNdumeni Horse Racing Track, eNdumeni ngoMgqibelo mhlaka 18 July 2026. Kulindeleke amahhashi angu-340, avela eKZN, eMpumalanga, Eastern Cape, Mpumalanga, Free State, Swatini naseLesotho kulo mjaho.
Ekhuluma uKhawula uthe ujabule ngoba lo mjaho ukhula unyaka nonyaka.
"Okokuqala, saqala kunomklomelo wezingubo, saya ko-R20 000. Okwamanje lesi siteki sisafiinyelele ku-R2.5 million. Lapho sifisa ukufika khona ngoLwesihlanu mhlaka 17 July 2026, sifisa kulalwe isiteki sifinyelele ku-R 3 million. Okuyimali ezohlukaniselwa imijaho yonke, kusukela kumjaho wokuqala kuya kumjaho weshumi nambili," kubeka uKhawula.
Amahhashi abhekwe ngabomvu uMbayimbayi, Troublemaker, Nxakanxaka noKhalelani. Lo mjaho uzobe uhambisana nezobuciko okubalwa abasiki bengqephu nabaculi.