SIMUNCU ISIMO KUMSAKAZI OKWELETA UMNGANI


Sizwe Blose 

Izinkinga zezimali kuthiwa sezidale enkulu ingxabano phakathi komsakazi weMetro FM, uTbo Touch owenza uhlelo lwantambama iTouch Down nomngane wakhe okunguyena obemboleka imali.

Kuvela ukuthi izinkinga zemali zivele ngemuva kokuthi, uTbo Touch ethathe isinqumo sokuyohlala phesheya,  e-Australia nomndeni wakhe.

Ukungahambi kahle kwesimo sezimali kugcine kumphoqa ukuthi agcine eboleka kulo mngani wakhe. Inkinga iqale lapho esehluleka ukugcina isethembiso sokubuyisa imali kamngani wakhe. Kuvela ukuthi nekhonsathi lomculo weGospel ayethembele kulona ukuthi lizomsiza abuyise imali yomngani alihambanga kahle.
Kuphinde kuvele ukuthi uTbo Touch ubebuye athathe nemali yokukhokhela imoto nayo engakaze ibuye. Udaba seluvezwa ukuthi sekungene umthetho kulona ngoba umngani uyayifuna imali yakhe.
Imizamo yokuthola uTouch ayiphumelelanga.