SICHITHIWE ISICELO SOBOSHELWE UKUBULALA UMEYIWA
LINDOKUHLE NGCOBO
UJAJI uRatha Mokgoatlheng usichithile isicelo sommangalelwa wesine ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana.
Echitha lesi sicelo namuhla eNkantolo enkulu yasePitoli, uMokgoatlheng udalule ukuthi umbuso unobufakazi obanele okuveza ukuthi uMthokoziseni Maphisa uyathinteka kuleli cala.
"Kungenzeka ukuthi kwabanamaphutha ngesikhathi uConstable Sizwe Zungu ebhala esitatimendeni kodwa umbuzo unobufakazi okwanele bokuthi, umsolwa wesine uyathinteka kuleli cala," kusho uMokgoatlheng.
UMaphisa ungomunye wabasolwa abahlunu ababoshelwe ukubulala uMeyiwa. Lo mmangalelwa ufake isicelo efuna kuhoxiswe wonke amacala asolwa ngawo kuleli cala. Ezeseka(UMaphisa) ngelithi umbuso uhlulekile ukuveza ubufakazo bokuthi uyathinteka kuleli cala.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa kubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus ngomhlaka 26 October 2026.