SEZIYISWE EWESTVILLE IZELAMANI ZAKWA NDIMANDE


Sizwe Blose

Lihlehliselwe inyanga kaMarch zingu 4 icala lezelamani zakwa Ndimande (Siyabonga noMalusi) ezisoleka ecaleni lokubulala umculi weHip Hop u-AKA.

Lomculi wadutshulwlwa emgwaqeni odumile eThekwini, uFlorida Road, ngasendaweni yokudlela iWish. 

Lezi zelamani zabanjwa sezibalekele eSwatini, kwaphoqeleka ukuthi zibuyiselwe kuleli lizwe laseNingizimu Afrika nokuyinto eyathatha isikhathi kodwa yagcina yenzekile.
Lezi zelamani zizosuzwa eKokstad, eBhongweni ziyiswe ejele laseWestville ukuze zikwazi ukuxhumana nabammeli.