SEKUPHINDE KWENZEKA ENYE INGOZI YABAFUNDI EMBALI
LINDOKUHLE NGCOBO
KULIMALE abafundi abathathu engozini yetekisi eyenzeke namuhla endaweni yaseMbali eMgungundlovu.
Le ngozi yenzeke enkulisa lapho kushayise khona itekisi ebithwele abafundi besikole izolo.
Kuvela ukuthi kule ngozi yanamuhla itekisi belihlehla lase liphoseka lapho kwenzeke khona ingozi. Abezimo eziphuthumayo bakwazile ukusiza izingane ezintathu ezilimele. Ngenhlanhla kuvela abafundi abalimele bathole imihuzuko.
Amaphoyisa asaphenya kabanzi ngembangela yale ngozi.
Kuzokhumbuleka ukuthi engozini eyenzeke izolo kule ndawo kushone abafundi abahlanu, kwalimala abayisishagalolunye.