SEKUPHINDE KWAMPHINDA LOKHO UJULIUS


Kulindeleke ukuthi iPhini leNhloko yamaPhoyisa kaMasipala wase-Ekurhuleni (EMPD) osamisiwe uMnuz Julius Mkhwanazi, avele eNkantolo kaMantshi yaseBrakpan, eGoli namhlanje, ebhekene necala lokubulala.

UMkhwanazi uzovela kuleli cala kanye nabanye abasolwa abane aboshwe nabo izolo, ngamaphoyisa ngemuva kokuhlanganiswa necala lokubulawa kukaMnuz u-Emmanuel Mbense ngonyaka we-2022. Kuvela ukuthi uMbense wabulawa ngesihluku ngaphambi kokuba isidumbu sakhe silahlwe edamini ukuze kufihlwe umkhondo.

Amaphoyisa aqinisekisa ukuthi uphenyo lusaqhubeka kanti kulindeleke ukuthi kuvele imininingwane eyengeziwe mayelana nembangela yalesi senzo, ngesikhathi abasolwa bevezwa enkantolo.