SEKUDLULE EMHLABENI ISILOMO SOMLINGISI


Sekudlule emhlabeni inkakha yomlingisi yakuleli, uSeputla Sebogodi. Izindaba zokudlula kwakhe ziqinisekiswe ngumndeni wakhe (Sebogodi). Umndeni udalule ukuthi uSebogodi ushone izolo ngenxa yesifo sikashukela.

"Sicela abantu basinikeze isikhathi sokuhlonipha ilungu lethu ngasese ngalesi sikhathi esinzima," ngokusho kwesitatimendi somndeni wakwaSebogodi.

USebogodi udume kakhulu ngendima yakhe kaKenneth Mashaba kumdlalo iGenerations.
 Uphinde walingisa kweminye imidlalo eminingi okubalwa kuyo iRedemption, Scandal!, Suburban Bliss, Bophelo Ke Semphego neminye.


Umndeni usazohlangana uhlele mayelana nezinhlalo zomngcwabo.