SEKUBOSHWE ABANYE ABASOLWA KWELOKUBULAWA KWABANGU 10


SEKUPHINDE kwaboshwa abanye abasolwa abathathu ngecala lokubulawa kwabantu ngenxa yomshwayelense wemali engu R10 million, ukwenza inkohlakalo nokukhwabanisa imali.

Namuhla amaphoyisa abophe abasolwa abathathu ePolokwane, esifundazweni iLimpopo. Kulaba basolwa kukhona izelamani ezimbili nesangoma. Kukholakala ukuthi bayathinteka ecaleni lalowo owayeyiphoyisa uSergeant Rachel Kutumela.

Kuvela ukuthi abasolwa bathatha imishwalense yomngcwabo kubantu abangu 10 ababulawa. UKutumela(43) uboshwe ngonyaka ka 2024 nabanye abathathu, okukhona kubo indodakazi yakhe uFlorah Shokane, udadewabo u-Anna Shokane nomfowabo. UKutumela waboshwa esemsebenzini, usexoshiwe embuthweni wamaPhoyisa. Kuyimanje uKutumela ugqigqa enkantolo yeMantshi yasePolokwane.

Kulindeleke ukuthi kuboshwe  abanye abasolwa njengoba amaphoyisa enikezwe incwadi yokuba abophe abasolwa abangu 7.