SEKUBHEKWE I-EFF NGESINQUMO SOKULAHLWA YICALA KOMHOLI WAYO


SIZO BLOSE 

Umholi we-EFF uJulius Malema angase azithole ebhadla ejele iminyaka. Lokhu kulandela ukuthi inkantolo, ese-East London imthole enecala lokuqhumisa isibhamu eseduze kwabantu ngesikhathi i- EFF inomcimbi kulendawo.
Ezithethelela uMalema phambi kwenkantolo wathi isibhamu ayesisebenzisa esethoyizi. Ukutholakala enecala kuchaza ukuthi inkantolo ayiyizwanga kahle into ebeyishiwo uMalema.
Sekusele ukuthi inkantolo isho ukuthi lomholi imgweba isikhathi esingakanani lomholi.
Kusengenzeka ukuthi i-EFF iledlulise leli cala.

Isithombe: Getty Images