OWETHEKU UVUMA INSELELO YABOKUFIKA KULELI


UVUMA inkinga yabantu bokufika abakuleli ngokungekho emthethweni uMeya kaMasipala weTheku uKhansela Cyril Xaba.

Ekhuluma namuhla esithangamini sabezindaba eCity Hall, eThekwini namuhla uXaba uveze ukuthi udaba lwabokufika ngeke luxazululwe uMasipala weTheku kuphela. Wathi kudingeka ukuthi yonke iminyango kahulumeni ethintekayo isebenze ngokubambisana.

"Kumele kuqiniswe umthetho emingceleni yethu. Ngesikhathi ngisasePhalamende, ngangisebenza kwikomiti loMbutho wezokuvikela. Ngathola ithuba lokuvakashela imingcele, ngabona ukuthi kuningi okumele kulungiswe. Baningi abantu abangena kuleli ngokungekho emthethweni, noma ungababuyisela emuva, baphinde babuye kuleli kalula," kuchaza uXaba.