OWETHEKU UCACISA NGESICHUSE SIKAMANDELA
KUQUBUKE imibuzo ngokubekwa kwesichuse sikaDkt Nelson Mandela owabanguMengameli omnyama wokuqala kuleli, enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Lesi sichuse sivulwe ngokusemthethweni kule nyanga kanye nesika-Oliver Reginald Tambo esiseNorth Beach nguMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, njengengxenye yokuhlonipha abaholi abangasekho emhlabeni.
Nakuba kunjalo umphakathi usazibuza ukuthi kungani kubekwe isichuse sikaDkt Mandela ngaphandle kwenkundleni eqanjwe ngoMnuz Moses Mabhida ongomunye wamaqhawe omzabalazo, ongasekho emhlabeni. Okunye okukhalisa umphakathi ukuthi isichuse sikaDkt Mandela side, kanti esikaMabhida sifushane.
Namuhla iNEW AVENUE ibenengxoxo ekhethekile noSomlomo kaMasipala weTheku uKhansela Thabani Nyawose ochaze ngabanzi ngesinqumo sokubekwa kwesichuse sikaDkt Mandela.
Uthi ukuqanjwa kwenkundla ngoMoses Mabhida, kuchaza ukuhlonishwa kwamagalelo nomlando wakhe(uMabhida) awenze emzabalazweni.
"Laphaya eMabhida into ebaluleke kakhulu inkundla uqobo lwayo. Abantu kube sengathi uma kuqanjwa inkundla, kwakumele isichuse sikaMoses Mabhida silingane nenkundla. Okukhulu ukuthi uma ufika kuthiwa lena, iMoses Mabhida Stadium, ilokho okumqoka ukuthi sikuphi sinjani. Abaholi abenza lokho bamhlonipha kakhulu uMabhida, baqamba inkundla enhle emhlabeni ngegama lakhe," kuchaza uNyawose.
Eqhuba uthe akayiboni inkinga yokuthi isichuse sikaMabhida sifushane kunesikaMandela. Wathi awukho umgomo ovimba ukuthi izichuse zabaholi zibekwe endaweni eyodwa.
Ingxoxo ephelele izosakazwa kuYoutube weNEWS AVENUE.