OWESILISA UBOSHELWE UKUSHUSHUMBISA INSANGU YESAMBA SIKA-R4 MILLION



LINDOKUHLE NGCOBO 

USOBISHINI umsolwa wesilisa oneminyaka engu-32 ubudala, oboshelwe icala lokushushumbisa insangu engabiza inani lika-R4 million. 

Umsolwa uboshwe ngamaphoyisa endaweni yaseDundee, izolo ebusuku. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo uthi amaphoyisa alunywe indlebe mayelana nemoto ebisuka eSwaziland ithwele insangu nokukholakala ukuthi yangena kuleli, ngomzila waseDumbe enyakatho neKwaZulu-Natal. Wathi amaphoyisa aseFunda iZululand, uphiko iGlencoe K9 unit namaphoyisa aseDundee azamile ukumisa le moto ngesikhathi ihamba emgwaqeni onguR33 ngaseBlood River, nokho umshayeli wayivuthela(imoto) ngamandla ebalekela abakwasidlodlo. 

"Amaphoyisa akwazile ukubamba umsolwa eDundee. Ngesikhathi amaphoyisa eqhuba umsebenzi athole izikhwama zensangu ezingu-90 ezihlalweni zemoto zangemuva nasebhuthini, uma kungathiwa lezi zikhwama zensangu zidayuswa emgwaqeni zingenza imali engu-R4 million. 

Umsolwa uboshiwe mayelana nokushushumbisa izidakamizwa. Kulindeleke ukuthi umsolwa avele enkantolo yeMantshi yaseDundee khona namhlanje, mhlaka 6 August 2025," kuchaza uNgcobo.