OWESEKHUKHUNE UBHODLA UMLILO NGOKUSHAWA NGESITHENDE ICHIEFS


LINDOKUHLE NGCOBO 

UMGADLI weSekhukhune United uBradley Grobler, uthi kumnandi ukukora igoli ubhekene neqembu elanqaba ukukusayina ngoba  lithi  'uyikhehla' eminyakeni engu-6 eyedlule. 

Lo mgadli oneminyaka engu-37 ubudala ukhulume kanje ngemuva kokushaya amagoli amabili iBabina Noko ishaya Amakhosi ngo 3- 1 emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium, eSoweto izolo.

Elinye igoli leSekhukhune lishawe uThabang Monare kanti eleChiefs lishawe uFlavio Silva.

"Kuyajabulisa ukushaya amagoli ubhekene namaqembu afana nalawa. Sidlale ngokuzimisela ngeke sizifake ngaphansi kwengcindezi, siyazi kunzima ukunqoba yonke imidlalo kodwa sizimisele ukulwela isicoco seligi. Namuhla(izolo) sikukhombisile lokho ngiyazi kusekude ukuthi iligi iphele," kubeka uGrobler obengumdlali ovelele kulo mdlalo. 

Lo mphumela ubeke iBabina Noko esicongweni selogi, ngamaphuzu angu-16 emdlalweni eyisithupha. Ngakolunye uhlangothi iChiefs ilahle irekhodi layo lokungangenelwa goli ngemuva kwemidlalo emhlanu nokungadliwa kule sizini.