OWEBAFANA USALE EDANGELE NGESINQUMO SIKANOMPEMPE




USEPHUMELE obala wagxeka isinqumo sikanompempe umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos. Lokhu kulandela iphenathi etholwe i-Egypt ngesikhathi ishaya iBafana ngo 1-0, emdlalweni we-AFCON Group B, e-Estate Adrar, Agadir  eMorocco, namuhla. 

Ekhuluma ngemuva kwalo mdlalo uBroos ubize isinqumo sikanompempe ngehlazo.

"Ngisho uMo Salah emva kwalo mdlalo, uthe kimi naye umangele ukuthi kubeyiphenathi. Kuyihlazo, ihlazo langempela," kubeka uBroos ngokudinwa.

I-Egypt ithole iphenathi ebekwe enethini uMohamed Salah ngomzuzu ka-44, ngemuva kokuthi uKhuliso Mudau eshaye ngesandla esweni uSalah. Unompempe uthathe isinqumo sokunikeza ezikaFaro iphenathi ngokusizwa iVAR.

Lo mphumela ubeke i-Egypt esicongweni ngamaphuzu angu-6, ilandela iBafana namaphuzu angu-3 kubeyiZimbabwe ne-Angola abanephuzu elodwa iqembu ngelinye.