OWE TS GALAXY UKHALE NGEPHENATHI BESHAWA IPIRATES


LINDOKUHLE NGCOBO 

UMQEQESHI weTS Galaxy u-Adnan Beganovic ukhale ngesinqumo sikanompempe sokunikeza i-Orlando Pirates iphenathi. 

Lokhu kwenzeke ngesikhathi amaRockets eshawa iPirates ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto izolo. 

Ngemuva kwalo mdlalo uBeganovic uthe ukholelwa ekutheni bekungafanele Ezimnyama zithole iphenathi. 

"Angifuni ukusola kakhulu i-Orlando Pirates, idlale kahle kakhulu kodwa isinqumo sikanompempe asingigculisi. Angifuni ukukhala kakhulu ngizokwamukela, siqhubeke nemidlalo elandelayo," kubeka uBeganovic. 

Le phenathi ekhalisa uBeganovic, itholwe iPirates ngemuva kokuthi uKaputeni weTS  Galaxy uMlungisi Mbunjana, edlalise kabi uMasindi Nemtajela obengumdlali ovelele. 

Kube sekusuka u-Evidence Makgopa wayivalela(iphenathi) phakathi ngomzuzu ka-20. 
 Lo mdlalo ushube zisuka, womabili amaqembu akhombise ukuthi azolelwa amaphuzu amathathu.

I-Pirates ithole amathuba amaningi kodwa unozinti wamaRockets u-Iran Eliezer Tape wala ukhasha. Lokhu kuholele ekutheni iTS Galaxy icindezele ngamandla ngethemba ifuna ukuthola igoli lokulinganisa. Nokho igcine ingalitholanga(TS Galaxy), njengoba kugcine kube Ezimnyama ezithole igoli lesibili, elishawe nguTshegofatso Mabasa ngekhanda ngomzuzu ka 90+4. 

Lo mphumela uthathe iPirates wayibeka endaweni yesithathu kwilogi.