OWE-SUNDOWNS UKHALE NGOKUDLALISWA KABI BEBANJWA I-CHIEFS




UMQEQESHI weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso ukhale ngokuthi abadlali beKaizer Chiefs bebekhahlela abadlali bakhe (Sundowns) kusukela ekuqaleni komdlalo. Lo mqeqeshi uveze lokhu, ngemuva kokuthi lawa maqembu edlale ngokulingana ngo 1-1, emdlalweni weBetway Premiership eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli izolo.

Igoli leChiefs lishawe nguFlavio Silva ngesiwombe sokuqala, elaMasandawana lishawa nguBrayan Leon ngesikhwombe sesibili.

"I-Chiefs ibikwazi ekuzele lana ngoba bebekhahlela abadlali udu, esikhundleni sokudla ibhola, balimaza abadlali. Lento bayenza bebhekene ne-Orlando Pirates manje sebeyenza nakithi. Inhloboni yebhola lena edlalwa iChiefs. Ngibona kusekude phambili ngebhola laseNingizimu Afrika," kusho uCardoso ngokudinwa.