OWE-SUNDOWNS UKHALA NGOKUKHATHALA KWABADLALI NGAPHAMBI KOMDLALO OBUCAYI
Lindokuhle Ngcobo
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns FC, uMiguel Cardoso, uzwakale ekhombisa ukukhathazeka ngokukhathala kwabadlali bakhe. Lokhu ukuveze ngaphambi komdlalo wabo obucayi weBetway Premiership neTS Galaxy FC ozodlalelwa eMbombela Stadium, eMpumalanga, kusasa ngoLwesibili, ngehora lesi 19h30.
I-Sundowns izobe idlala umdlalo wokugcina kwiligi yesizini ka 2025/26, kanti uCardoso uthi ngeke amangele uma abadlali bakhe, belahla amaphuzu ezeseka ngelithi bakhathele. Lo mdlalo uza ngesikhathi iSundowns isematheni ngokunqoba isicoco seligi kodwa, ibhekene nobunzima bokuminyana kwemidlalo ehlanganisa eyeligi( Betway Premiership) neCAF Champions League. Njengoba AmaBrazilians ezodlala owamanqamu womlenze wokuqala neFAR Rabat eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli ngeSonto, mhlaka 17 May 2026.
"Kusobala ukuthi abadlali bakhathalele kakhulu," kusho uCardoso, ecaphuna amaphutha enziwe umdlali wasemuva uKhulumani Ndamane emdlalweni odlule neSiwelele FC.
"Akukhona ukukhathala komzimba kuphela, kodwa nengqondo ikhathele. Ukuphuma kwamaphutha amaningi emdlalweni wokugcina kukhomba ukuthi izingqondo azisasebenzi ngokushesha okufanele." kuchaza uCardoso.