OWE-PIRATES UCELA UXHASO KUBALANDELI NGEMUVA KOKUGXEKWA


LINDOKUHLE NGCOBO 

Unozinti we-Orlando Pirates FC, uSipho Chaine, uphumele obala wavuma ukuthi ukugxekwa akutholayo kuyamthinta, wabe esecela abalandeli beqembu ukuba bameseke ukuze akwazi ukwenza kangcono enkundleni.

Ekhuluma nabezindaba eRand Stadium, eGoli izolo, uChaine akazange afihle indlela azizwa ngayo ngomfutho obhekiswe kuyena. Uthe akafuni ukuqamba amanga athi akanandaba nengcindezi kodwa ugcizelele ukubaluleka kokubumbana kulesi sikhathi.

"Ngiyazi ukuthi abalandeli bayagxeka kwesinye isikhathi, futhi ngeke ngiqambe amanga ngithi angizwa noma anginandaba. Kepha into engiyidingayo njengamanje wuxhaso lwabalandeli. Ukusekelwa yibona okuzosiza mina neqembu ukuba sinyuse izinga lethu lokudlala," kubeka uChaine.

Nakuba uChaine engenelwe amagoli amancane ngesizini edlule ka-2025/26, waze wanqoba nomklomelo we-Goalkeeper of the Season weBetway Premiership, abalandeli beZimnyama abagculisekile neze. Bakhala ngendlela amagoli angene ngayo, bakholelwa ekutheni lo nozinti ubengenza kangcono ukunqanda amanye awo. Ngaphezu kwalokho, abalandeli baveze ukukhathazeka okukhulu ngamagoli amngenele ngesikhathi iqembu lilungiselela isizini entsha ka-2026/27, ohambweni lwalo lwase-Spain.

I-Pirates izoqala umkhankaso wayo wokuvikela isicoco seBetway Premiership, lapho izokwamukela khona omakoti beBetway, iMilford FC, e-Orlando Amstel Arena, eSoweto, ngoMgqibelo, ngehora lesi-15h00 ntambama.