OWE-PIRATES UBONA UBUNGOZI KWI-ORBIT COLLEGE FC
LINDOKUHLE NGCOBO
IPHINI likamqeqeshi we-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi lithi, lilindele ubunzima emdlalweni weBetway Premiership phakathi KweZimnyama ne-Orbit College FC e-Orlando Stadium, eSoweto namuhla ngo-7:30 ebusuku.
Lawa maqembu azobe ehlangana okokuqala njengoba iMswenko Boys ingomakoti kwiBetway Premiership.
Ekhuluma ngalo mdlalo uNcikazi uthi kubalulekile ukungayithatha kancane i-Orbirt College FC.
"Ubungozi bokudlala imidlalo efana nalena ukucabanga ukuthi ngeke ubhekane nobunzina kanti leli qembu(Orbit College) linesipiliyoni. Linabadlali abafana noKoapeng, eswini khona uMatsemela unozinti osezingeni lomhlaba waseLesotho (uSekhoane Moerane). Uma ubuka abadlali babo uyabona ukuthi iqembu elinesipiliyoni kakhulu, okwethu(Orlando Pirates) ukudlala ngokuzimisela sithole amaphuzu amathathu ekhaya," kuchaza uNcikazi.
Kulo mdlalo uzobe engekho uMonnapule Saleng, Yanga Madiba noThuso Moleleki ababolekiswe iPirates kwiMsweko Boys, laba badlali abavunyelwe ukudlala uma leli qembu libhekene neZimnyama.