OWE-NGG UGXEKA IMFUNDO YASENINGIZIMU AFRIKA
LINDOKUHLE NGCOBO
UMengameli weqembu lezombusazwe elisha, i-Next Generation Government (NGG), uNksz Kwanda Summers ohlubuke kwiMK Party, ushaya phansi ngolwazi olufundiswa ezikoleni zaseNingizimu Afrika. Ezeseka ngelithi lolu hlelo lwemfundo lushiya intsha eminingi isengaphansi kwezigqila zomnotho ngenxa yokungakwazi ukuzisungulela amathuba emisebenzi namabhizinisi.
USummers oneminyaka engu-19 ubudala ubekhuluma izolo emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni kwaleli qembu obanjelwe e-Blue Waters Hotel, eThwini.
"Izingane zaseChina zikwazi ukwakha umakhalekhukhwini zisencane, kodwa thina la eNingizimu Afrika basafundisa izingane ukuchaza izitho zomzimba zexoxo. Ngabe lokho kuzosiza ngani ekuthuthukiseni umnotho wazwe? Kungani izingane zingafundiswa ngezimbiwa ezicebile ezisezweni lakithi ukuze zizwisisane nomnotho?" kusho uSummers ngokukhathazeka.
Leli qembu eligcwele intsha, liveze ukuthi lizimisele ukuletha uguquko olubalulekile kwezombusazwe. Liphinde lamemezela ukuthi lizongenela ngokugcwele ukhetho lohulumeni basekhaya ngomhlaka 4 November 2026. I-NGG izobe iqinisa amadolo kulezi zifundazwe iKwaZulu-Natal, Gauteng, Free State, Limpopo naseNorth West.