OWE-NACOL UKHALA NGOKUVUZA KWEMINGCELE YAKULELI
UGXEKA ukuvuza kwemingcele yakuleli ngokwanda kwesibalo sabantu bangaphandle, abahlala kuleli ngokungekho emthethweni uMengameli weNational Community Liberation(NACOL) uMnuz Muzi Hlophe.
Ekhuluma namuhla esithangamini sabezindaba eBluewaters Hotel, eThekwini uHlophe uthe abantu bangaphandle abakuleli ngokungekho emthethweni mababuyele emazweni abo kodwa abalapha ngokusemthethweni bamukelekile.
"Njengoba kunezinhlangano ezizimele ezikhona ziyabadudula. Kufanele sikwenzeke ngokucophelela ngoba kunobungozi. Kuyishwa ukuthi uhulumeni wethu akanawo amasu angcono ikakhulukazi ukuqinisa imingcele yaseNingizimu Afrika, " kubeka uHlophe.
Uqhube waveza ukuthi elakuleli lisenkingeni yakugcwala kwabantu bangaphandle ngokungemthetho ngenxa yokungaqiniswa kwezokuphepha emingceleni.
UHlophe uphinde wakhala ngokungasebenzi kahle koMnyango wezaseKhaya, ewusola ngokuba nenkohlakalo.
Leli qembu lezombusazwe liphinde lathula ngokusemthethweni ubuholi balo obuphezulu kwinkomfa. I-NACOL eyethulwe ngokusemthweneni ngonyaka ka-2023, izongenela ukhetho lwango-2026, okokuqala ngokuzimela.