OWE MKP UCHAZA INKULUMO KA MBEKI NJENGEHLASELA IQEMBU LABO


Lindokuhle Ngcobo 

IQEMBU iMK Party likuthatha njengokuhlaselwa okushiwo ilowo owayenguMengameli kuleli uMnuz Thabo Mbeki, emcimbini womakadebona bophiko lezempi lwe-ANC neMK Military, eFree State. 

UMbeki uthi kwakufanele kuthathwe njengokuvukela umbuso ukusungulwa kweMK Party, eholwa ilowo owayenguMengameli kuleli uMnuz Jacob Zuma. 

"Akukwazi ukuthi iqembu elisha bese lithola amavoti amaningi kangaka KwaZulu-Natal. Liphinde lithole ukwesekwa eMpumalanga naseGauteng, yindaba.  Ngokushesha i-ANC yashona phansi. Yindaba iningi labantu bakwaZulu-Natal, bakhethe ukulahla i-ANC. Nginombono wami ohlukile kunowabaholi be-ANC kodwa akukhona lokho okwenza sathola lo mphumela," kubeka uMbeki.

Eqhuba uMbeki uveze izinsolo zokuthi kukhona abantu abakhipha imali ngenhloso yokuxabanisa i-ANC ne-IFP. Wathi laba bantu bafuna ukudunga isizwe sabantu abamnyama, ezeseka, labo bantu baze banikela nangezikhali(izibhamu).

Ekhuluma nenhlangano yezindaba iSABC News, uMnuz Tony Yangeni oyiPhini lesibili likaMengameli weMK Party uthi, akukhona ukugxekwa lokhu okwenziwa uMbeki, kepha ukuhlaselwa. 

Wathi le nkulumo ibudedengu idelela abalandeli beqembu iMK Party.