OWE-IFP WESEKA IKHOMISHINI ESUNGULWE URAMAPHOSA
LINDOKUHLE NGCOBO
NJENGOBA kukhona abashaya amakhala ngeKhomishini esungulwe uMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa, ezophenya ngezinsolo ezivezwe uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ngenyanga edlule, kuphinde kube nalabo abayesekayo.
UMkhulumeli we-IFP jikelele, uMnuz Mkhuleko Hlengwa udalule ukuthi iqembu lakhe lihambisana nale ezoholwa uJaji Mbuyiseni Madlanga obambe njengePhini lenhloko yamajaji.
UMkhwanazi waveza izinsolo zokuthi uNgqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Senzo Mchunu osamisiwe nePhini likaKhomishana wamaphoyisa kuleli uLieutenant General Shadrack Sibiya osamisiwe bangobhululu nezigebengu. Wasola(UMkhwanazi) uMchunu ngokuhlakaza uphiko lwamaphoyisa ebeliphenya ngokubulawa kwesopolitiki.
Ekhuluma engxoxweni ekhethekile neNews Avenue uHlengwa uthe izinsolo ezivezwe uMkhwanazi zibucayi kakhulu, ezeseka ngelithi ingakho kumele ziphenywe ukuze konke kuhlale obala emphakathini. Wanxusa umphakathi ukuba uyeke ukufanisa iKhomishini kaZondo nale yakamuva.
"Emaphoyiseni kunenkohlakalo, ngeke uthi amaphoyisa akhohlakele phenyani inkohlakalo yamaphoyisa, ngeke ukwazi ukwenza lokho. Naye (UMkhwanazi) ulwazi analo ngabe sidlala ngaye uma sizothi, akaluthathe aluhambise emaphoyiseni ngoba mhlawumbe uzoyinikezela abantu abayingxenye yenkinga," kuchaza uHlengwa.
Ingxonxo ephelele mayelana nalolu daba izotholakala ekhasini likaYoutube leNEWS AVENUE maduze.