OWE-AHF UKHALA NGENGCINDEZI EBHEKENE NABAFANA
LINDOKUHLE NGCOBO
ININGI ingcindezi ebhekene nabafana abaphakathi kweminyaka engu-10 kuya kwengu-24 ubudala.
Lokhu kuvezwe uMxhumanisi wenhlangano engenzi nzuzo i-Aids Healthcare Foundation (AHF) KwaZulu-Natal uNksz Sibubusiwe Mthethwa, emcimbini wokubungaza usuku lwezingane(Day of the African Child) ePinetown Clinic ngoMgqibelo.
Le nhlangano eyaziwa kakhulu ngokugxila ezinhlelweni zokukhuliswa kwamantombazane, yenze okuhlukile kulokhu igxila kubafana.
UNksz Mthethwa utshele iNEWS AVENUE ukuthi bakhethe ukugxila kubafana kulokhu ngemuva kokuthola ukuthi iningi ingcindezi ebhekene nabafana.
"Abafana abaningi bazibandakanya ezidakamizweni, lokho kugcina kubanomthelela wabantu abahlala emgwaqweni. Sifuna ukwakha ukuxhumana nabo ngaphansi kohlelo iBoys to Men efundisa abafana ukuthi yini indoda. Ukukhulisa abafana kuzosiza ukuthi kwehle isihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, ukukhulelwa kwamantombazane asemancane. Ingcindezi etholwa abesilisa ukuthi hawu wena awukalali, lokhu kubenza bagcina sebenza okungahambili kwabo," kubeka uNksz Mthethwa