OWE ACTION SA UGXEKA IKHANSELA LE NKATHA
Lindokuhle Ngcobo
USIHLALO we-ActionSA KwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Zwakele Mncwango, usegxeke inkulumo kaSomlomo woMkhandlu waKwaNongoma, uKhansela Sinethemba Mbongwa, eyethule emcimbini kaMasipala wesiFunda iZululand.
UMbongwa uphakamise ukuthi imisebenzi namathenda kaMasipala ophethwe yi-IFP, kumele kunikwe kuphela amalungu noma abalandeli baleli qembu.
Namuhla uMncwango ukhiphe isitatimende egxeka inkulumo kaMbongwa.
"Inkulumo kaSomlomo woMkhandlu waKwaNongoma iphambane nomthethosisekelo waseNingizimu Afrika ngoba oMasipala akubona abokufeza izinhloso zamaqembu ezombusazwe. OMasipala badalelwe ukusiza abantu bonke ngokulingana, ngale kokufaka ipolitiki," kubeka uMngcwango.
Imizamo yeNews Avenue yokuthola ikhansela iphunzile