OWASETHEKWINI UPHUMELE OBALA NGEZINSOLO ZOKUDAYISWA KWEZIKHALA ZOMSEBENZI WAMAPHOYISA


LINDOKUHLE NGCOBO 

Umphathi kaMasipala weTheku, uMnuz Musa Mbhele, usephumele obala ngezinsolo ezibandakanya inkohlakalo yokudayiswa kwezikhala zomsebenzi emaphoyiseni kaMasipala weTheku (Durban Metro Police), emva kokuba nengcindezi enkulu evela emphakathini nakumaqembu ezombusazwe.

Esithangamini sabezindaba esiphuthumayo esibanjelwe e-Durban City Hall, eThekwini namhlanje uMbhele, ehambisana neSikhulu saMaphoyisa kaMetro, uSibonelo Mchunu, uchithe amahlebezi asatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana.

UMbhele uthi ngokombiko okhona akulona iqiniso eliphelele ukuthi kukhwabaniswe imali engu-R20 million.

"Umbiko wezezimali owenziwe inkampani ezimele i-Isiqu Forensic Accountants, uveze ukuthi udaba lolu alukho ezingeni elikhulu njengoba bekucatshangwa. Uphenyo lukhombise ukuthi kunesisebenzi esisodwa esincane (junior employee) esaqashwa ngo-2024 esidale lo mkhuba. Lesi sisebenzi sithathe imali engu-R420 000 kubantu abawu-71 sibathembisa imisebenzi emaphoyiseni," kuchaza uMbhele.

Ephetha uMbhele, unxuse abafuna imisebenzi ukuba baqaphele kakhulu izigebengu eziqola abantu imali.

UMchunu ucacise ukuthi lo msolwa ubengesona isikhulu esisezingeni lokuqasha noma esasesikoleni sokuqeqesha kodwa ubemonitha nje ngezinto ezenzeka ngaphandle.

Ngaphambi kokuba kube nalesi sithangami, iqembu i-DA eThekwini, eholwa ngu-Haniff Hoosen, libambe imashi yokubhikisha ngaphandle kwase-City Hall. I-DA ibifuna kukhishwe umbiko ophelele we-forensic futhi kuthathwe izinyathelo ezibukhali kubo bonke abathintekayo. UHoosen uthe umphakathi weTheku ufanelwe amaphoyisa aqashwe ngokwethembeka hhayi ngokugwazelwa.