OWASE SOWETO UNYAKAZISA UMHLABA NGEPHIMBO
LINDOKUHLE NGCOBO
Iciko laseMeadowlands, eSoweto uRainym, liyaqhubeka nokubeka umculo wase-Afrika emabalazweni omhlaba.
Lona wesifazane uqale ukurekhoda ngonyaka ka-2022, njengoba namuhla esenegama elaziwayo. Umculo kaRainym uhlanganisa i-AfroSoul, i-Afrobeat, i-Amapiano, i-Afrohouse ne-Afrotech, edala umsindo onenhloso.
I-EP yakhe(Rainym) yakamuva ethi-6th Floor, ithathwa njengenguquko enkulu emsebenzini wakhe. Ngale komculo, u-Rainym uyisishoshovu, umbhali nosomabhizinisi ogxile ekuthuthukisweni kwentsha, empilweni yengqondo nobunye be-Afrika.
“Ngifuna ukuba kuzo zonke izinkundla nemicimbi. Ngifuna umculo wami ufinyelele kubantu abaningi futhi udlale emhlabeni wonke,” kusho uRainym.
Abahlaziyi bathi uRainym akayena nje umculi, bamchaza njengomakhi wamasiko wesikhathi samanje.