OWALAXAZA IPIRATES ZIFIKE ZAMUBHIMBELA IZINTO E-EGYPT


SIZO BLOSE 

Azihambanga kahle izinto ku Jose' Riveiro e-Egypt, njengoba i-Al Ahly  ithathe isinqumo sokuthi imkhombe indlela ayefike ngayo kuleli qembu. 

Lomqeqeshi owashiya i-Orlando Pirates eyibeke esicongweni futhi ethandwa kakhulu abalandeli bayo, wayilaxaza waphuthuma amadlelo aluhlaza kanti zizofike zibhimbe izinto.

Uxoshwa nje, kuvela ukuthi iqembu ayeseliqeqesha beselidlale imidlalo engu 7 lawina owodwa vo. Lokhu kucacisele abaphathi ukuthi ayikho lento kwazise nabalandeli besebeqalile ukuveza ukungenami kwabo ngalomqeqeshi.

Okwamanje akwaziwa ukuthi uzojoyina liphi iqembu, nanokuthi usengabuyela yini kuleli uma ethola umsebenzi.