ONGAPHANSI NAPHEZULU KWELIKA DUDUZILE ZUMA


Lisaqhubeka namanje icala elibhekene noDuduzile Sambudla Zuma enkantolo eThekwini.

 Lentokazi ezalwa yilowo oke waba uMengameli Wezwe, uMnuz Jacob Zuma ibhekene necala lokugqugquzela udlame emphakathi. 

Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2021 kwaba nokuluthwa kwempahla ezitolo, kukhalelwa ukuboshwa kukaMnuz Zuma.
Indodakazi kaZuma isolwa ngokusebenzisa izinkundla zokuxhumana ukukhebhezela lolu dlambedlu.

Lentokazi yathumela umbhalo kwiTwitter eseyibizwa ngo X,  othi "I see you" nomunye othi Aykhale.