OMAKOTI BE-BETWAY BAKHALA NGABAQOLA NGEGAMA LABO
LINDOKUHLE NGCOBO
I-Milford FC engomakot beBetway Premiership ixwayisa umphakathi ngabantu abazenza amalungu eqembu becela imali kubadlali, kubazali nasemphakathini.
Esitatimendeni esikhishwe iThe Stallions namuhla, icacise ukuthi alikaze icele izinkokhelo ngokubhaliswa kwabadlali, ukuhlolwa, izinkontileka, noma amathuba emisebenzi.
"Qaphelani lemikhonyovu. Sicela umphakathi ungayikhokhi imali kunoma ubani ozothi umele iqembu." kusho iMilford.
Iqembu ligcizelele ukuthi angeke lithwale icala ngemali elahlekile uma ikhokhelwe abantu abangagunyaziwe.
I-The Stallions inxusa abalandeli ukuthi basize ukuvikela isithunzi seqembu ngokubika noma yimuphi umzamo wokukhwabanisa.