OLWAMANQAMU NAMUHLA KOLUKA MALEMA
KUBHEKWE ngabomvu isinqumo sikaMantshi mayelana nohlelo lokugwentshwa komholi we-EFF uJulius Malema.
UMalema ubuyela eNkantolo kaMantshi yaseGompo, e-Eastern Cape namuhla. Lapho kuzoqhubeka khona isinqumo ngecala lakhe lokuqhumisa isibhamu phambi kwabantu abangaphezulu kuka 20 000. Umshushisi nabameli bakaMalema baphothulile ukwenza izethulo ezandulela isigwebo phambi kwenkantolo izolo.
UMalema utholwe enecala lokuqhumisa isibhamu emcimbini we-EFF enkundleni eMdantsane, eWestern Cape ngonyaka ka 2018.
Abameli baMalema bacela ukuthi angayiswa ejele kodwa agwetshelwe ngaphandle.