NGEKE BAYITHOLE IMIPHUMELA ABAFUNDI ABASOLWA NGOKUKOPELA
Lindokuhle Ngcobo
BASAZOBANJELWA imiphumela yabo abafundi baka matric 2025 abasolwa ngokukopela. Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezeMfundo yamaZinga aphansi kuzwelonke uNksz Siviwe Gwarube namuhla eMTN Innovation Centre, eGoli.
UGwarube okulindeke ukuba amemezele ngokusemthethweni imiphumela ka-Matric 2025 namuhla ntambama, uveze ukuthi ukungayidedeli imiphumela yalaba bafundi(abasolwa ngokukopela) kuzonikeza uMnyango isikhathi esanela sokuqhuba uphenyo. Wadalula ukuthi sesenyukele kwabangu-40 isibalo sabafundi abasolwa ngembuzi, sisuka kwabangu-26.
"Amaphepha agcinwa endaweni eyimfihlo nephephile. Kusolakala ukuthi umsebenzi wezeMfundo wathola iphepha kumuntu ongaphakathi. Babili abasebenzi bezemfundo abamisiwe, " kuchaza uGwarube.
Ukuputshuka kwamaphepha kwabanjwa esifundazweni iGauteng ngoDecember 2025. Isifundazwe sabikela uMnyango wezeMfundo kuzwelonke nokuyilapho kuqale khona uphenyo.
Amaphepha aputshuka elesiNgisi, Mathematics nalePhysical Science.