NAMUHLA KUPHELA IMINYAKA ENGU 11 KWABULAWA UMEYIWA


LINDOKUHLE NGCOBO 

NAMUHLA kuhlangana iminyaka engu-11 kwadutshulwa, kwabulawa uSenzo "Nzori" Meyiwa, owayengunozinti aphinde abengukaputeni we-Orlando Pirates neqembu lesizwe iBafana Bafana.

UMeyiwa washona mhlaka 26 October 2014, ngesikhathi edutshulwa kubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, empumalanga  yeGoli.

Kuze kube yimanje ayikaziwa imbangela yokubulawa kukaMeyiwa. Njengoba abasolwa abahlanu ababhekene necala lokubulawa kwakhe(UMeyiwa), besagqigqa iNkantolo enkulu yasePitoli.