LUZOTHELA IZITHELO OLOKUQEQESHA OSONKONTILEKA


LINDOKUHLE NGCOBO 

Kulindeleke ukuthi luthele izithelo ezinhle, uhlelo lokuqeqesha osonkontileka abasemkhakheni wezokwakhiwa kwengqalasizinda KwaZulu-Natal (KZN). Lolu hlelo olubizwa ngeCertificate in Construction Management (CCM), lwethulwe ngokusemthethweni iConstruction Industry Development Board (cidb) eCoastlands Musgrave Hotel, eThekwini namhlanje.

Ekhuluma uSihlalo webhodi le-cidb uMnuz Khulile Nzo uthi kukhona osonkontileka abangenawo amakhono kodwa abasebenza emkhakheni wezokwakhiwa kwengqalasizinda. Udalule ukuthi lokhu kudala izinkinga eziningi ngoba osonkontileka abaqondi ngomsebenzi abawenzayo.

"Abaqondi ukuthi umsebenzi wenziwa kanjani. Nabaqashi bayakhala ukuthi osonkontileka abanawo amakhono lokuqeda amaphrojethi. Lokhu kuphazamisa umnotho nezidingo zomphakathi," kuchaza uNzo, ngesikhathi kwamukelwa osonkontileka abasafufusa abazoqeqeshwa kulolu hlelo.

Ephawula ngalolu hlelo uNgqongqoshe woMnyango weMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda eKZN uMnuz Martin Meyer uthi luzothuthukiswa umkhakha wezokwakhiwa kwengqalasizinda.

"Sihlushwa isimo sezulu esicekela phansi ingqalasizinda. Manje uhlelo olufana naleli luzoletha ubuchule bokuthi kwakhiwe ingqalasizinda eqinile engeke icekeleke phansi, siyeke ukuhlezi siqala phansi izikhawo ngenxa yesimo sezulu," kuchaza uMartin.