LUYINKINGA YONKE INDAWO ELWABOKUFIKA


Izakhamuzi zaseLibya ziqhubekile nokubhikisha, zibhekise izikhalazo zazo ehhovisi leNhlangano yeZizwe Ezihlangene (UN) eTripoli namuhla. Ziveze(izakhamuzi) ngesibalo esiphezulu sabantu bokufika ezweni. lazo.


Kuvela ukuthi uMnyango Wezokulawulwa kwabantu bokufika okungekho emthethweni (DCIM), uhlela ukubuyisela abantu emazweni abo.

Le misebenzi yokubuyisela abantu isisabalele ezweni lonke, kusukela eBenghazi, eMusaid kuya eTripoli.

Kunezindawo eziningi ezweni lonke lapho kubanjwe khona abokufika. Abaphathi bezwe baveze ukuthi abanye abafuduki batholwa bengenazo izincwadi zokuhlala ngokusemthethweni, abanye babandakanyeka ekuceleni imali emigwaqweni, kanti abanye banamacala obugebengu noma banqatshelwa ukuhlala ngenxa yezifo ezithathelanayo.