LUYASHUBA UPHENYO EPHALAMENDE
LIYASHUBA uphenyo lweKomidi lasephalamende (Parliament's Ad hoc Committee), elibheka kabanzi ngenkohlakalo esemaphoyiseni.
Kulandela ukuthi namuhla uKhomishana wamaphoyisa kuleli uGeneral Fannie Masemola, echithe ukuthi uMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa wavuma kuhlakazwe uphiko oluphenya ngokubulawa kosopolitiki.
UMasemola ubebuzwa mayelana nenkulumo eyashiwo uNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli uMnuz Senzo Mchunu osamisiwe. UMchunu waveza ukuthi wavumelana noMengameli ukuthi kuhlakaze lolu phiko.
"Ngeke ngikuqinisekise ukuthi uMengameli(Ramaphosa) wavumelana noMchunu, indaba yabo bobabili leyo. Mina engikwaziyo ukuthi, ngesikhathi nginomhlangano noMengameli wakhombisa ukuleseka uphiko oluphenya ngokubulawa kosopolitiki," kuchaza uMasemola.
Eqhuba uMasemola, uphinde wadalula ukuthi umphathi wabasebenzi ehhovisi likaNgqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Cedric Nkabinde noyiphini likaKhomishana wamaphoyisa wakuleli osamisiwe uLieutenant General Shadrack Sibiya ibona ababehamba phambili ngesikhathi kuhlakazwa lolu phiko.
Indaba yokuhlakazwa kwalolu phiko ivuke yama ngezinyawo ngoJuly, ngemuva kokuthi uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi eveze izinsolo zenkohlakalo ezenzeka embuthweni wamaphoyisa. Nokuyilapho waveza(UMkhwanazi) ukuthi uSibiya noMchunu basebenzisana nezigebengu eziyingozi.
Njengamanje uMasemola usaqhubeka nokwethula ubufaka phambi kweKomidi lasephalamende, eKapa esifundazweni iWestern Cape.