LUYA KUDE OLWE NFP NO MBALI SHINGA
Lubukeka lusazokuba inzukayikeyi udaba lukaMbali Shinga neNFP. Leli qembu lithathe isinqumo sokuxosha uMbali Shinga ophinde abe nguNgqongqoshe wakwaSocial Development. INFP ithi izothumela uMengameli walo eSishayamthetho lihoxise uShinga. Kuzokhunbuleka ukuthi linesihlalo esisodwa. Leli qembu kuvela ukuthi selithumele incwadi layibhekisa kuSomlomo uNontembeko Boyce limazisa ngalezi zinguquko.
Kodwake akuzokuba lula kanjalo ngoba uShinga uma esiphosela inselelo ngenkanto lesi sinqumo, kungenzeka ukuthi aqhubeke nokuba uNgqongqoshe kuze kuphele isikhathi sakhe. Izinkantolo zizithathela esazo isikhathi. Lesi simo asiqali ukwenzeka kwiNFP, kuke kwenzeka umsunguli we qembu uZanele kaMagwaza Msibi ezama ukuxosha uVikizitha Mlotshwa. Kwaba ongaphansi nongaphezulu kugqigqwa izinkanto kwaze jwaphela isikhathi saseShayamthetho.