LUSHAYE UDAKA IKOMIDI LASEPHALAMENDE
LINDOKUHLE NGCOBO
LUSHAYE udaka ikomidi lasephalamende (Parliament's Ad hoc Committee) eliphenya ngenkohlakalo emaphoyiseni.
Kulandela ukuhlehliswa kwesigcawu obekuzofakaza kuso uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi namuhla, ngenxa yokuthi u-Adv Norman Arendse ohola uphenyo ubengasibhalanga isitatimende. Kubukeka sengathi u-Arendse ubethembele esitatimendeni seKhomishana kaJaji uMadlanga.
Umholi we-EFF uMnuz Julius Malema namanye amalungu ephalamende baphakamise ukuthi uMkhwanazi ngeke afungele isitatimende, asifungela kwiKhomishana kaJaji Madlanga.
UMalema uthe leli komidi alisebenzisani neKhomishana kaMadlanga.
"Sifuna isitatimende esizokwenziwa ikomidi noma ithimba lezomthetho. Ngokomthetho waseNingizimu Afrika akuvumelekile ukufungela isitatimende esisodwa ezindaweni ezimbili ezahlukene," kuchaza uMalema.
U-Adv Arendse uxolisile ngokungasenzi isitatimende, wakhala ngokuthi isikhathi sibe sincane.
Leli komidi liphenywa ngezinsolo ezavezwa nguMkhwanazi ngoJuly, ezithinta ukugxabukela kosopolitiki emacaleni obugebengu abucayi.