LUSAYA KUDE ELOMBANGO WEZIKHALA ZOKUFUNDA
Lindokuhle Ngcobo
KUBUKEKA sengathi kusemanzi phansi ngombango wezikhala zokufunda esikoleni i-Addington Primary, eThekwini.
Lokhu kulandela inkulumo kaNkk Jacinta Ngobese Zuma ohola inhlangano iMarchandMarch, ayiveze namuhla enhlanganweni yabezindaba iSABC.
UNgobese Zuma ukhaliswa isibalo esivezwe uMnyango wezeMfundo yamaZinga aphansi KwaZulu-Natal, sabafundi abangaphezulu kuka 580, abavela ngaphandle kwakuleli ababhaliswe kulesi sikole.
Uthi lesi sibalo siphezulu, njengoba kukhona izingane zakuleli, ezingomakhelwane nalesi sikole kodwa ezingenazo izikhala zokufunda.
"Ngizofaka isiphakamiso sokuthi izingane zabofika ziyofunda ezikoleni ezizimele, ukuze ezikoleni zikahulumeni kuzofunda izingana zakuleli. Ngeke kukwazi ukuthi usizo olukhishwa uhulumeni wethu, lutholwe abantu baphandle, sikhona singabantu bakuleli lizwe," kubeka uMaNgobese Zuma.
UMnyango uthi uyile esikoleni wathola ukuthi isikole sinabafundi abangaphezulu kuka 1500. Kulesi sibalo abafundi abangaphezulu kuka 900 abakuleli, abangu 580 abangaphandle. Kulaba abangu 580, kukhona abangu 12, abengenawo amaphepha asemthethweni abagunyaza ukuba kuleli.
UMnyango uthi abazali abangakazitholi izikhala, abalethe uhlu lwabafundi abafuna izikhala. Uzofunela(UMnyango) abafundi izikhala, ezikoleni eziseduze okukhona kuzo iClayton Primary, Collegevable, Greyville nase St Anthony Primary School.