LUSASHUBILE ELOKUDILIZWA KWEZINDLU ENKANDLA
KULINDEKE ukuthi luqhubeke uhlelo lokudiliza izindlu zomphakathi, ezakhiwe ngokungemthetho endaweni kaMasipala waseNkandla.
Lokhu kuvezwe uMeya waseNkandla uKhansela Nonhlanhla Nzuza, namuhla esithangamini sabezindaba, eNkandla. Ngemuva kokuthi lo Mkhandlu udilize izindlu ezingu-6, okuvela ukuthi zakhiwe ngonyaka ka-2014.
Echaza ngalolu hlelo uMeya uthe, uMasipala ulandela isinqumo senkantolo sokuthi laba abakhe endaweni kaMasipala badilizelwe izindlu. Ezeseka ngelithi uMkhandlu udinga indawo yawo ukuze uthuthuke.
"Sesisifakile isaziso kwabanye abazodilizelwa izindlu. Silinde ukuthi uma ivula inkantolo bese abameli befaka ezinye izicelo, luqhubeke uhlelo lokuthi umhlaba kaMasipala usale njengoba wawunjalo," kuchaza uMeya Nzuza.
Eqhuba uMeya udalule ukuthi ngaphambi kokuthi uMasipala ufake lolu daba enkantolo, wazama(uMasipala) ukuvimba lo mphakathi.
Liphawula ngalolu daba ilunga lomndeni wakwaKhanyile, odilizelwe umuzi, uMnuz Thabo Zwane, uthe basale dengwane bedilizelwa umuzi wakubo. Wakhala ngokuthi asikho isaziso esifakwe uMasipala, sokuthi kumele basuke kule ndawo.
"Badiliza izindlu zinezimpahla phakathi. Namhlanje silala emgodini, akukho lutho lana ekhaya. Ayikho into esizoyenza manje, abakaze basitshele lutho, ngabona ngabantu sebegcwele umuzi lana ekhaya," kubeka uZwane.
Kuvela ukuthi lo mphakathi ubekwe Induna uKhanyile kule ndawo, ngaphansi kwesizwe sakwaShezi. I-News Avenue imtholile uKhanyile kodwa unqabile ukuphawula ngalolu daba.
"Angivumelekile ukukhuluma ngalolu daba ngoba lusingethwe abameli," kubeka uKhanyile ngamafuphe.