LUPHENYWA I-PKTT OLWEKHANSELA


LINDOKUHLE NGCOBO 

Uphiko lwamaphoyisa oluphenya ngokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal (KZN) seluqale uphenyo olushisayo, kulandela ukudutshulwa kubulawe uKhansela we-ANC, uMnuz Sibusiso "Khekhe" Khwela. Lo mhlali weWadi 17 eKlaarwater, entshonalanga yeTheku, udutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu izolo ntambama ngaphandle kwehhovisi lakhe.

Kuvela ukuthi kukhona umlisa ongaziwa ofike ehhovisi likakhansela wenza sengathi udinga usizo lomphakathi. Kuthe uma uKhwela uphumele ngaphandle ngenhloso yokuyosiza lo mlisa, kwaba yilapho lona wesilisa ekhipha isibhamu wamthela ngezinhlamvu ngaphambi kokuba abaleke ngezinyawo(umlisa).

Okhulumela amaphoyisa eKZN, uColonel Robert Netshiunda, uqinisekisile ukuthi isigameko senzeke ngesikhathi ukhansela enza umsebenzi wokunakekela amalungu omphakathi.


"Izinhlaka ezahlukene zamaphoyisa zifike endaweni yesehlakalo zizofuna imikhondo nobufakazi. Umshini wokuzingela umsolwa usuqalile kanti nembangela yalokhu kubulawa ayikaziwa okwamanje," kusho uNetshiunda.


USomlomo woMkhandlu weTheku, uKhansela Thabani Nyawose, ozwakalise ukushaqeka okukhulu, uhambele umndeni kamufi wayesechaza uKhwela njengomholi obezikhandla futhi ezinikela emphakathini wakhe. UNyawose uveze ukuthi lolu hlobo lokuhlaselwa luletha uvalo olukhulu kumakhansela, njengoba bebulawa ezindaweni zabo zomsebenzi lapho besiza khona abantu.