LUDIDA ABANINGI ELALOWO OSOLWA NGOKUBULALA UDJ WARRAS
Lusadida abaningi udaba lokuboshwa kuka Victor Majola, osolwa ngokubulala uDJ Warras.
Esithombeni kubonakala amadoda amabili elandelana. Lamadoda iwona abonakala kwi CCTV ngosuku okwabulawa ngalo uDJ Warras.
Okuphinde kudide abaningi ukuthi amaphoyisa akubeka ngokusobala ukuthi umuntu owadubula uDJ Warras wayenze ama dreads, efakazisa ngokuthi uvezwa nayi CCTV. Kodwa okumangazayo akaboshiwe.
Kuthiwa uMajola uyena ongemuva kwetulo lokubulala uDJ Warras.
Lokhu sekuqubule izinkulumo eziningi kubantu. Kunalabo ababona uMajola njengomuntu osukelwayo, abanye bathi ayinuki ingosiwe, asazi kuyozwakala ngoJanuary 26, lapho okuzoqhubeka khona isicelo sebheyili enkantolo.