LIYAQHUBEKA ICALA ELIBHEKENE NOKEKANE
LINDOKUHLE NGCOBO
Usuku lwesibili lulandelana engena ebhokisini lofakazi eNkantolo ePhakeme yaseGoli umsolwa, uMusa Kekana, oqhubeka nokuphenywa ngemibuzo emva kwezinsolo zokuthi amaphoyisa amshaya ngesikhathi eboshwa.
UKekana ufakaza ecaleni elincane (i-trial-within-a-trial).Leli cala libheka ukuthi ngabe ubufakazi kokuzivumela icala babutholakala ngendlela esemthethweni yini. Uphenywa ngemibuzo umshushisi wombuso, u-Advocate Jabulani Mlotshwa, mayelana nezinto ezalandela ngemuva kokuboshwa kwakhe(uKekana) ngo-April 2024. UKekana uphinde wagcizelela ukuthi amaphoyisa oMnyango wezoBunhloli boMbutho wezoVikela amshaya kanzima. Udalule ukuthi abomthetho bafaka uplasitiki ekhanda lakhe baze bamkhama bafuna avume icala. Uphinde wathi amaphoyisa angena emzini wakhe ose-Alberton ebusuku kakhulu ngaphandle kwencwadi yenkantolo (i-warrant) evumela lokho. UKekana utshele inkantolo ukuthi akazange afundelwa amalungelo akhe njengomuntu oboshiwe ngesikhathi amaphoyisa eqala ukumgwadla.
Leli cala eliyinhloko lithinta uVusimuzi "Cat" Matlala, uTsakani Matlala, uKekana, uNthabiseng Nzama noTiego Mabusela. Babhekene namacala okuzama ukubulala umlingisi owaziwayo uTebogo Thobejane, usomabhizinisi wamatekisi uJoe 'Ferari' Sibanyoni nomdidiyeli wezomculo uDJ Vettys, ezigamekweni zokudutshulwa ezahlukene ezalandela ngonyaka ka-2023 nango-2024. Icala lisaqhubeka enkantolo lapho.